IPirates isikaza ukubuyisa uBenni McCarthy

2017-01-25 10:01

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, zicabanga ukugixabeza lowo owayengumgadli wayo, uBenni McCarthy, ngesikhundla sokuba ngumqeqeshi waleli qembu.

Ngemuva kokushiya isigubhukane kwalowo obengumqeqeshi, uMuhsin Ertugral, ngoNovemba ngenxa yokuthelwa ngehlazo ngesikhathi iqembu libhaxatshulwa yiSuperSport United ngo-6-1, u-Augusto Palacios uyena obelokhu ebambe njengomqeqeshi kweZimnyama.

OLUNYE UDABA: Ugcine ebuyelile kumaBhakabhaka umdlali obebolekisiwe

Njengoba kukhula ukuqagula kokuthi leli qembu lingase liphinde liqashe umqeqeshi wangaphandle, lowo obengumqeqeshi weFree State Stars, uGiovanni Solinas, kanye nomqeqeshi we-Uganda, uMilutin Sredojevic, sebebalwe njengebagaqele lo msebenzi.

Kodwa-ke noma kunjalo, umbiko wephephandaba iThe Citizen uveza ukuthi uSihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, angathanda ukunika lowo owayengumgadli weBafana Bafana lo msebenzi ukuze azibonakalise kuleli qembu ayegijima kulona.

Kuthiwe uKhoza ubefuna ukuqhubeka nabaqeqeshi bakuleli, ubona ukuthi iMamelodi Sundowns kanye neKaizer Chiefs basabambelele kubaqeqeshi bakuleli, futhi angeke athande ukuhluka yedwa. UBenni ukhona futhi uyalwazi usiko lwekilabhu, kubika leli phephandaba.

Lo mgadli owayegijima kuBlackburn Rovers yaseNgilandi, uyena kuphela umdlali waseNingizimu Afrika osawine i-UEFA Champions League kanti uphinde abe nezincwadi zokuqeqesha, i-UEFA A.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...