IPirates isijoyine agaqele ophelelwe yinkontileka kuSundowns

2017-07-12 11:00

Johhanesburg – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, kubikwa ukuthi sezingenele umbango walowo obengunozinti weMamelodi Sundowns, uWayne Sandilands, kubika iKickOff.

Lo nozinti owayevimbela iPlatinum Stars kuyimanje akanaqembu ngemuva kokuthi inkontileka yakhe neMamelodi Sundowns iye yafinyelela esiphethweni ngenyanga edlule.

USandilands usephinde wayamaniswa neqembu laKwaZulu-Natal, iMaritzburg United, nokubikwa ukuthi isivele isibeke okuthile etafuleni kanti isilinde yena lo nozinti ukuthi aphendule.

OLUNYE UDABA: Usasayine kuCape Town City obedlalela iSundowns

Kodwa-ke ngokomthombo weKickOff.com osondelene nalolu daba lwalo nozinti oneminyaka engu-33 ubudala, lo mdlali useke wahlangana nabamele amaBhakabhaka kodwa usalinde ukuthi kubuye ophethe izindaba zakhe ophesheya kwezilwandle ngaphambi kokuba athathe isinqumo.

“IPirates isiyenze isiphakamiso kanti inentshisekelo enkulu yokusayina uSandilands,” umthombo utshele iKickOff.com.

“[Umphathi wakhe] kuyimanje uphesheya kwezilwandle kanti isivumelwano singase senzeke uma ngabe ebuyela eNingizimu Afrika.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...