IPirates isihlukane ngezindlela nomdlali wayo

2017-08-29 16:02

Cape Town – Izinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates, sezihlukane ngezindlela nomdlali wazo odlala ohlangothini lwesobunxele emuva, uPatrick Phungwayo, ngemuva kokufinyelela esivumelwaneni kwezihlangothi zombili ngoMsombuluko.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, nowake wadlalela iBafana Bafana, uchithe iminyaka emihlanu naMabhakabhaka ngemuva kokuwajoyina esuka kwiBidvest Wits ngaphambi kwesizini ka-2012/13.

OLUNYE UDABA: Unozinti wele-PSL osefomini akaneme ngokungabizwa kwiBafana

“Sekufinyelelwe esivumelwaneni sokuthi izinhlangothi zombili zinqamule inkontileka kulandela umhlangano phakathi kwezinhlangothi zombili izolo [ngoMsombuluko].

“Ikilabhu ingathanda ukubonga uMnumzane Phungwayo ngomsebenzi wakhe bese imfisela inhlanhla enkulu kulokho azokwenza kusasa,” iPirates imemezele kanjalo kwi-website yayo.

UPhungwayo akazange adlale kumaSea Robbers emdlalweni womqhudelwano kule sizini. Bekungakacaci ukuthi uzodlala kuphi ngokulandelayo.

Khonamanjalo, umdlali osanda kufika, uMusa Nyatama, uthi abadlali beBucs baqhuba kahle ngaphansi komqeqeshi uMilutin Sredojevic kanye nesekela lakhe, uRhulani Mokwena.  

IBucs iyiqale kahle isizini ngaphansi kwalaba baqeqeshi abasha njengoba isiqoqe amaphuzu amane ngaphandle kokungenelwa ngisho nayigoli elilodwa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...