IPirates isicele abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo

2017-02-25 12:58

Johannesburg – I-Orlando Pirates isinxuse abalandeli ukuba baphume ngothi lwabo baye e-Orlando Stadium ukuze beyokweseka iqembu njengoba selingaphansi kwesandla somqeqeshi omusha.

Njengoba amaBhakabhaka esendaweni yeshumi ohlwini lweligi, amehlo azobe ethe njo kumqeqeshi omusha uKjell Jonevret, ekutheni uzozama kanjani ukuguqula isimo seqembu, kubika iSoccer Laduma.

Uma iPirates ingase inqobe umdlalo wayo nePolokwane City namhlanje, nemibili elandelayo ezoyidlala neKaizer Chiefs neSuperSport United, kungase kubeke iqembu endaweni ethe thuthu ku-log.

Kusezandleni zeqembu nomqeqeshi omusha ukuthi baphinde bazakhele ugazi kubalandeli ngokuthi banqobe imidlalo ebahlalele.

OLUNYE UDABA: IPirates kwelinye ihlazo

Ongumxhumanisi weqembu nabezindaba kuPirates, uThandi Merafe, unxuse abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo bayokweseka iqembu.

“Bayacelwa ukuba bazokweseka iqembu kanye nomqeqeshi omusha. Njengoba bese simemezelile ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umqeqeshi usewatholile amaphepha akhe okusebenza, kanti uzobe ehlezi ebhentshini uma iPirates isigadulisana nePolokwane City ntambama,” kusho uMerafe.

“Sinxusa ukubekezela kubalandeli. Iqembu lisebenza ngokuzikhandla ukuba lenze kangcono. Kumele bakuqonde futhi ukuthi sinomlolongi omusha ozodinga isikhathi ukuba ajwayele iqembu,” esho.

Uphethe ngokuhi bayamethemba kakhulu uJonevret.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...