IPirates isayinise obeyisekela likaPitso Mosimane

2017-08-10 16:04

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates selimemezele ukuthi liqoke uRulani Mokwena njengesekela likamqeqeshi uMilutin Sredojevic.

IBhakabhaka limemezele ‘uMicho’ njengomqeqeshi walo omusha ngesonto eledlule kanti manje lo mqeqeshi uselihlanganisile ithimba azosebenzisana nalo, waze wengeza ngobeyisekela mqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uMokwena.

OLUNYE UDABA: Usejoyine i-Ajax owayedlalela iDowns

"Ngibonga uMengameli [weMamelodi Sundowns] uMnu Patrice Motsepe kanye nomqeqeshi uPitso Mosimane ngokungagcini nje ngokunginikeza ithuba kodwa nangokungivumela ukuba ngithathe inselelo entsha ye-Orlando Pirates,” kusho uMokwena kwi-website yePirates.

Umqeqeshi wePirates uSredojevic uthe uRulani ungumuntu osebenza ngokuzimisela futhi uyajabula ngokwamukela le nselelo, kubika iKikcOff.com.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Morning clouds. Hot.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-27°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Afternoon clouds. Warm. PE: 20-26°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...