IPirates isayinise isihlabani seChippa
2017-07-03 15:59
Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates selimemezele ukuthi lisayinise umdlali wasesiswini uThamsanqa Sangweni obedlalela iChippa United.
USangweni, obesanda kubonakala ezilolonga nompetha beligi iBidvest Wits, usayine inkontileka neqembu leseMayfair ezophelelwa yisikhathi ngo-2020.
Utshele i-website yePirates ukuthi: “Ngijabule kakhulu ngokujoyina le kilabhu. Ngifuna ukudlala indima ebonakalayo eqenjini ngiphinde ngilisize libuyele endaweni eliyifanele.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: iDowns yethule ijezi elisha
“Ngithanda ukubonga usihlalo, abasebenzi kanye nabalandeli beChippa United ngabangenzele khona, ngeke ngikhohlwe.”
Umfowabo walo mdlali, uSiyabonga Sangweni, wayeyisihlabani kwiPirates ngahambi kokuba alimale edolweni wabe esethatha umhlalaphansi ngo-Ephreli 2016.
- KickOff.com
- News 24