IPirates isayine umgadli we-Free State Stars - Umbiko

2016-10-21 11:31

Cape Town – Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates isisayinise umgadli weFree State Stars osemncane nothembisayo, u-Eethe Khaukanan.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala usehlwithwe yiPirates emva komdlalo oncomekayo kwi-Ea Lla Koto kumqhudelwano weMultiChoice Diski Challenge.

Umqeqeshi weqembu, uMuhsin Ertugral, ubelokhu ehlola lo mdlali kwi-MDC nangaphambi kokuba amsayine.

OLUNYE UDABA: "Uma eya kwi-Pirates akakhohlwe ukudlalela iBafana" - Umbiko

UKhaukanani ungomunye wabadlali abahamba phambili ngokushaya amagoli kulo mqhudelwano njengoba eseshaye amagoli angu-6 kanti iStars kubikwa ukuthi besesisezinhlelweni zokumkhuphulela eqenjini elikhulu.

Kodwa-ke noma kunjalo, leli qembu alizange limnike inkontilika nokubonakala njengesizathu sokwamukela okubekwe aMabhakabhaka etafuleni.

Umthombo ongadalulwanga uqinisekise kwiSoccer Laduma ukusayinwa kwalo mdlali.

“Lo mdlali usesayine kwiPirates. Udaba oseluqediwe. Ungumdlali omuhle kanti iPirates ibilokhu ilandela ukuqhuba kwakhe,” kusho lo mthombo wengeza ngokuthi lo mdlali ubelokhu ethola imikomelo yokuba ngumdlali ovelele kanti akalibheki nepali. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...