IPirates iqinisekise ukuthi isisayine obedlalela iSundowns

2017-07-13 15:23

Johannesburg – I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ukuthi isisayine lowo obengunozinti we-Mamelodi Sundowns nobengesanalo iqembu, uWayne Sandilands, kubika iKickOff.

Lo nozinti ushiye iSundowns ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe ngoJuni kanti ubelokhu egaqelwe yiqembu laKwaZulu-Natali,iMaritzburg United, kodwa aMabhakabhaka angenele umbango wakhe nalapho embekele khona okuthile etafuleni, njengoba kubike iKickOff.com ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: IPirates isijoyine agaqele ophelelwe yinkontileka kuSundowns

Manje uSandilands usasayine iminyaka emithathu nePirates ngaphambi kwesizini yePSL ka-2017/18, njengoba lezi zinkunzi zaseSoweto ziqinisekise lezi zindaba kwi-account yazo yeTwitter.

Ngakolunye uhlangothi, uSandilands ubhale kuTwitter umyalezo wokuzibongela kumaBrazilians ngokwesekwa akutholile esikhathini esiyiminyaka eyisikhombisa nohhafu esedlule. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...