IPirates iqinisekise ukuhamba komgadli owayengaconsi phansi

2017-08-22 14:47

Cape Town – I-Orlando Pirates isikuqinisekise ukuhamba komgadli wayo ongowokudabuka eZimbabwe, uTendai Ndoro, nosejoyine iqembu laseSaudi Arabia, i-Al Faisaly FC. 

“Umgadli uTendai Ndoro angeke adlale emdlalweni we-Absa Premiership neBaroka FC ebusuku,” le kilabhu ibhale kanjalo esitatimendeni.

“Ikilabhu ingakuqinisekisa ukuthi isifinyelele isivumelwaneni sokudayiswa kwalo mgadli waseZimbabwe ne-Al Faisaly Football Club.

OLUNYE UDABA: Abadlali abathathu beSundowns bangase bangadlali kowePolokwane

“UNdoro kulindeleke adlule [ekuhlolweni] kwezempilo eSaudi Arabia ngaphambi kokuba isivumelwano siphothulwe.”

Khonamanjalo, iBucs kulindeleke ibhekane neBaroka FC ngoLwesibili kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...