IPirates ilahlwe yicala lokungaziphathi kahle kwabalandeli

2017-12-14 16:01

Cape Town - IPremier Soccer League Disciplinary Committee isithole i-Orlando Pirates inecala ngenxa yokuziphatha kwabalandeli.

Ngesizini ka-2016/17, abalandeli beBhakabhaka bazwakalisa ukunengeka kwabo ngokuthi bangene enkundleni ngesikhathi lezi zinkunzi zaseSoweto zibhaxatshulwa ngo-6-0 yiMamelodi Sundowns.

Lo mdlalo wamiswa ngomzuzu ka-82 ukuze kudanjiswe isimo, ngaphambi kokuba izikhulu zivumele lo mdlalo ukuba uqhubeke ngemuva kwesikhathi esingangehora kwenzeke izidubedube.

I-PSL ikhiphe isitatimende iqinisekisa lesi sinqumo kanti isinqumo ngamacala abekwa iSundowns sizozwakala ngoJanuwari wonyaka ozayo.

Isitatimende besifundeka kanje:

"IPremier Soccer League Disciplinary Committee isikhiphe isinqumo sayo ngodaba olubandakanya ukuziphatha kwabalandeli be-Orlando Pirates.

"Iligi ithole i-Orlando Pirates inecala lokwephula uRule 54 we-NSL Handbook (Rules) kulandela izenzo zobuxhwanguxhwangu ezenziwa yiqeqebana labalandeli ngesikhathi kudlalwa umdlalo we-Absa Premiership owawuphakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngomhlaka-11 Febhuwari 2017 lapho abanye abalandeli bangena khona enkundleni.

"I-PSL Disciplinary Committee ithole i-Orlando Pirates inecala. Ikomidi lizophinde lihlangane ngonyaka ozayo ukufaka unswinyo kwiMember Club.

"Khonamanjalo, amacala abekwe iMamelodi Sundowns ngesigameko esifanayo - azolalalelwa ngoJanuwari 2018."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...