IPirates ikuqinisekisile ukuthi akaseyena umdlali wayo uMahamutsa

2016-08-17 19:00

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates selikuqinisekisile ukuthi uRooi Mahamutsa akaseyena umdlali wayo ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe, kubika iKickOff.com.

UMahamutsa alikho elinye iqembu aseke walidlalela kuPSL ngaphandle kwePirates njenga ayijoyina esuka kuWitbank Spurs edlala kuNFD eminyakeni engu-8 eyedlule.

Manje lo mdlali sekuzomele abheke elinye iqembu uma esafuna ukuqhubeka nokudlala ibhola.

Funda nalolu daba: USangweni usemenyezelwe njengokapteni weChippa

UFloyd Mbele ukuqinisekisile kwiKickOff.com ukuthi inkontileka kaMahamutsa ayelulwanga.

“Inkontileka yakhe isiphelelwe yisikhathi futhi ayivuselelwanga,” kuchaza uMbele.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...