IPirates ifuna ukuziphindiselela kwiSuperSport

2017-03-07 14:13

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates lizobe lifuna ukuziphindiselela uma selidlala neSuperSport United e-Orlando Stadium eSoweto.

Ngemuva kokuthelwa ngehlazo lika-6-1 yiSuperSport United ngoNovemba, i-Orlando Pirates izobe ifuna ukuziphindiselela kuleli qembu laseTshwane.

IPirates isidlale imidlalo eyishumi ingawini. Kanti izobe ifuna ukuwina umdlalo wokuqala ngo-2017.

OLUNYE UDABA: Sesitholakale isidumbu somfana ogwilise ePort Elizabeth

ISuperSport United ngakolunye uhlangothi ilwela isicoco seligi njengoba isendaweni yesithathu.

Umqeqeshi we-United uStuart Baxter akaze ehlulwe yiPirates, uzobe efuna ukuqhubeka nerekhodi lakhe elihle.

Umdlalo kulindeleke uqale ngo-07:30pm

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...