IPirates idedele umdlali ukuze ayosiza ikilabhu ebhekene nezembe

2018-01-30 07:59

Johannesburg - I-Orlando Pirates imemezele ukuthi umdlali wayo wasemuva uzoya kosiza iPlatinum Stars esengozini yokugawulwa yizembe.

U-Ayanda Gcaba uzohlala kwiDikwena kuze kuphele isizini, kanti ujoyina le kilabhu ngemuva kwesikhashana nje iBhakabhaka liyishaye ngo-2-0 kowe-Absa Premiership.

OLUNYE UDABA: Asinazo izigidi zokuthenga abadlali abaphezulu - Umqeqeshi

"I-Orlando Pirates Football Club isifinyelele esivumelwaneni nePlatinum Stars mayelana nomdlali wasemuva u-Ayanda Gcaba," ngokusho kwesitatimende ebesifakwe kwi-website yePirates ngoMsombuluko.

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uzophinde asebenzisane nomqeqeshi uRoger de Sa, njengoba engasalitholi ijezi selokhu kwafika uMicho Sredojevic.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...