Iphephile imisebenzi yabadlali be-P Stars

2018-02-01 19:20

Johannesburg - Abanikazi abasha bePlatinum Stars sebethembise bonke abasebenzi ukuthi imisebenzi bayo iphephile.

IKickOff.com yaziswe ukuthi abanikazi, ebebengakadalulwa, abasuka eStellenbosch ngeke benze izinguquko eziningi okwamanje.

Abanikazi baxoxisana kabanzi nomqeqeshi uRoger de Sa, ozobe engesenye sezikhulumi esithangamini sabezindaba.

OLUNYE UDABA: Umdlali weChiefs uzobolekiswa

UDe Sa ubenikezwe igunya lokuthenga abadlali ngesikhathi sewini lokuthengiselana ngabo elivalwe ngoLwesithathu, waletha u-Ayanda Gcaba, Manti Mekoa, Riyaad Norodien, Letsie Koapeng noWangu Gome. Umqeqeshi unethemba lokuthi laba badlali bazosiza iqembu lingagawulwa yizembe.

“Abanikazi abasha badabuka eCape Town kanti bonke abantu bazisiwe ukuthi iphephile imisebenzi yabo,” kusho umthombo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...