Intandokazi kwelikanobhutshuzwayo nentombi babusiswe ngendodakazi

2017-11-13 16:00

Cape Town – Intandokazi emdlalweni webhola emhlabeni wonke jikelele uCristiano Ronaldo kanye nentombi yakhe uGeorgina Rodriguez babusiswe ngendodakazi.

Lo mdlali ubhale enkundleni u-Instagram ukuveza lezi zindaba ezimnandi.

URonaldo ufake isithombe sakhe esesibhedlela nentombi kanye nomfana wakhe omdala uCristiano Jr, wabhala ukuthi: "U-Alana Martina usezelwe, bobabili nomama wakhe balulama kahle kakhulu, sonke sithokozile ngalokhu."

OLUNYE UDABA:Imibiko ithi izinkunzi zaseGibhithe zifuna isihlabani seDowns

Le yingane yabo yokuqala bobabili, kanti yingane yesine kaRonaldo.

NgoJuni ngonyaka odlule wathola amawele u-Eva no-Mateo ngosizo lwe-surrogate (umuntu omkhokhelayo ukuba akutholele ingane ngokuhlanganisa isidoda sikababa wengane neqanda lalowo ozomkhokhela).

UCristiano Ronaldo Jr, 7, naye wamthola ngalo usizo lwe-surrogate.

ISITHOMBE: 

A Alana Martina acaba de nascer! Tanto a Geo como a Alana estão muito bem! Estamos todos muito felizes! ??

A post shared by Cristiano Ronaldo (@cristiano) on

Estarás sempre connosco. Parabéns, pai. Parabéns, avô.??????

A post shared by Cristiano Ronaldo (@cristiano) on

Zishonile izivakashi ezigxotshwe yindlovu zishutha

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...