Inkakha yePirates ithi kumele isukunyelwe eyokushwetshwa kwamagoli

2017-11-30 12:30

Cape Town - Inkakha ye-Orlando Pirates uJerry Sikhosana ukholelwa ekutheni amakilabhu e-Absa Premiership adinga ukuqasha abaqeqeshi abazololonga abagadli ngokukhethekile ukuze kuphele ishobolo lokuba buthuntu epalini.

Kusafakwe amagoli angu-168 kuphela emidlalweni engu-172 yeligi, okusho ukuthi ngokwesilinganiso kweminye imidlalo akufakwa magoli kuyo.

Ngempelasonto eyedlule inkinga yokungafakwa kwamagoli igqamile ngesikhathi kudlalwa ama-draw ayisithupha emidlalweni engu-14.

USikhosana, owayengalibheki ipali ngezinsuku zakhe waphinde wafaka negoli elanqobisa iBhakabhaka ngesikhathi ithatha i-1995 CAF Champions League, utshele iSowetanLIVE wathi: "Ngenxa yenkinga esibhekene nayo, kumele engabe kukhona abantu abaqeqesha abagadli.

OLUNYE UDABA: Ukhethe kahle uMajoro - Sikhosana

"Ngoba kuyabonakala phela ukuthi inkinga ilelephi, kungani kungabizwa abantu abayizingcweti kulowo mkhakha bayilungise? Kumele kube khona abantu abanjengami, angisho ukuthi ngiyingqongqo, kepha bakhona oPhil Masinga. Yinkinga enkulu phela le esibhekene nayo.

"Kuyangithokozisa ukubona abaqeqeshi be-PSL abanjengoBenni McCarthy (Cape Town City) noFadlu Davids (Maritzburg United), abantu ababengabagadli vele.

"Sidlala ibhola elihle futhi kuyabonakala ukuthi siyathuthuka, kepha inkinga isekubhakuziseni inethi."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...