Inkakha yeBucs ibeka izizathu zokuthi kungani uJali kumele abuyele kwiPirates

2018-05-09 16:06

Cape Town - Lowo owake wadlalela amaBhakabhaka uJoseph Ngake uthi u-Andile Jali kumele abuyele "ekhaya" ekilabhini abeyidlalela ngaphambi kokufudukela phesheya, i-Orlando Pirates.

UJali ushiye ikilabhu abeyidlalela yaseBelgium, i-KV Oostende, ngenyanga eyedlule kanti yize kunezinkulumo zokuthi uzohlala e-Europe, kunokuhlawumbisela okukhona kokuthi lo mdlali, 28, uzobuyela kwi-Absa Premiership.

Lezi zinkunzi zaseSoweto kanye neMamelodi Sundowns kubikwa ukuthi yiwo amaqembu ahamba phambili ekwesheleni uJali.

UNgake uthi ngokubona kwakhe lo mdlali weBafana Bafana kumele engabe ucabanga ikilabhu eyodwa kuphela - okuyi-Orlando Pirates.

Wenze isibonelo ngenye inkakha yamaBhakabhaka, uBenedict Vilakazi.

Ngesikhathi uVilakazi esebuyela eNingizimu Afrika ephuma eSweden, wehluleka ukuqhubeka nomgqigqo omuhle esekwiDowns kwazise wayenza into yamehlo kumaSea Robbers.

"Abantu abaningi abaqondi ukuthi njengabadlali bebhola yinye kuphela ikilabhu eyohlale iyikhaya kuwe akukhathaleki ungayaphi nokuthi udlalela amakilabhu amangaki," kusho uNgake.

"Iqiniso wukuthi uJali udlale ibhola elihle kakhulu ekwiPirates ngakho-ke kumele abuyele kuyo uma esebuyela kuleli.

"Ngokubona kwami, usemncane futhi unethalente kanjalo nginesiqiniseko sokuthi uyazithola iziphakamiso zokuthi ahlale e-Europe. Nokho, mina ngikholelwa ekutheni kumele abuyele ekhaya kwiPirates," esho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...