INingizimu Afrika isidlulele kowamanqamu koweCosafa

2017-12-14 19:18

Johannesburg - Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engu-20 ubudala selidlulele kowamanqamu emqhudelwaneni we-COSAFA U20 Youth Championships.

Abafana bakaThabo Senong badlulele kowamanqamu ngemuva kokwehlula ngo-1-0 iGibhithe namahlanje [ngoLwesine].

ULuvuyo Mkatshana uyena oshayele iNingizimu Afrika igoli emdlalweni obuse-Arthur Davies Stadium, eZambia. 

OLUNYE UDABA: IPirates ilahlwe yicala ngokungaziphathi kahle kwabalandeli

“Sithi halala kubadlali ngokudlala kahle kwabo namhlanje. Siyaziqhenya ngeqembu lonke ngeselikwenzile kuze kube manje kulo mqhudelwano.

“Sekuzomele sibuyele emuva siyohlela kabusha izinto njengoba sesilinde ukubona ukuthi sizobhekana nobani kowamanqamu ngoMgqibelo,” kusho umqeqeshi uSenong kwi-website ye-SAFA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...