Inhlokomo kuTwitter iWits ithatha iligi

2017-05-18 09:32

Cape Town – IBidvest Wits ivele yakhala yemuka nesicoco se-Absa Premiership ngemuva kokushaya iPolokwane City ngo-2-0 kweminye yemidlalo ebibhekwe ngabomvu ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi elinye iqembu ebelibheke ukuthatha isicoco seligi, iMamelodi Sundowns, ibambane ngo-2-2 neMaritzburg United ePitoli.

Ngenyanga edlule, bekuwongaphansi nongaphezulu kumaqembu amahlanu okubalwa kuwo iCape Town City, iSuperSport United kanye iKaizer Chiefs njengoba wonke ebesemathubeni okuthatha lesi sicoco ebesibhekwe ngabomvu.

OLUNYE UDABA: ISundowns ithi abayo abadlali abagijima kuWits

Umqeqeshi weWits, uGavin Hunt, uhluleke nawukuzibamba, wakhala izinyembezi ngesikhathi unompempe eseshaya indweba yokuphela komdlalo obuphakathi kweSundowns neMaritzburg.

Lokhu kusho ukuthi usesithatha okwesine isicoco seligi.

Ngaphambilini lo mqeqeshi wanqoba isicoco seligi amahlandla amathathu neSuperSport United ngaphambi kokuba ajoyine amaClever Boys.

Zibonele imiyalezo yokubongela labo mpetha abasha be-Absa Premieship lapha: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...