Inhlokomo kukhishwa obesehole i-CAF iminyaka engu-29

2017-03-16 16:01

Addis Ababa – Isikhulu senhlangano yebhola yaseMadagascar, u-Ahmad Ahmad, usekhethwe njengoMengameli omusha weConfederation of African Football ngoLwesine, ekhipha lowo obenguMengameli u-Issa Hayatou, nobeseqhoqhobale lesi sikhundla iminyaka engu-29.

OLUNYE UDABA:Owayeqeqesha iPirates usevumile ukuthatha iBafana - Umbiko

U-Ahmad uwine lolu khetho enhlokodolobha yase-Ethiopia ngamavoti angu-34, ehlula uHayatou, yena othole amavoti angu-20, ngokwemiphumela esemthethweni.

Ngemuva kokuphuma kwemiphumela kube nenkulu inhlokomo ezithunyweni ebezigcwele ehholo.

U-Ahmad, oneminyaka engu-57 ubudala futhi onezingane ezimbili, unomlando wokudlala kanye nokuqeqesha ngaphambi kokuba athathe izintambo zokuhola inhlangano yebhola eMadagascar.

Wamangaza abaningi ngesikhathi ephumela obala efuna ukungenela umbango wesikhundla sokuhola i-CAF, ethembisa ukwenza “ushintsho”.

UHayatou ubelokhu ehola i-CAF kusukela ngonyaka ka-1988 futhi uyi-Senior Vice President  ku-FIFA.

Unconywe kakhulu ngokwandisa isibalo samaqembu ase-Afrika abamba iqhaza emiqhudelwaneni yeNdebe yoMhlaba. Kodwa-ke abanye bakholwa ukuthi bese kuyisikhathi sokuthi ashenxe esikhundleni.

Kodwa-ke oyiSekela likaMengameli weGhana Football Association, uGeorge Afriyie, uthi uHayatou kuningi asekwenzile ebholeni lase-Afrika, kodwa “sekuyisikhathi sokuthi ahlehle”.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...