Inhlangano yomphakathi igxeke iSafa ngokweseka uJordaan

2018-04-02 14:22

Johannesburg - Inhlangano yomphakathi ezibiza ngeMillion Man March isigxeke isinqumo sesigungu esiphezulu se-SA Football Association (Safa) sokweseka umengameli wale nhlangano uDanny Jordaan osolwa ngokudlwengula.

Le nhlangano ezimele ithi lesi sinqumo singukudelela izisulu zokudlwengulwa.

Inhlangano ikhiphe isitatimende kulandela umhlangano wesigungu esiphezulu we-Safa nokuyilapho kuthathwe khona isinqumo sokuma noJordaan kulandela ukuvulelwa icala lokudlwengula yilowo owayelungu le-ANC ePhalamende uJennifer Ferguson ngeledlule.

IMillion Man March, esitatimendeni, ithi uJordaan kumele ehle esikhundleni kuze kube icala liyaphothulwa enkantolo, ngoba amacala abhekene nawo abucayi ukuba angashaywa indiva.

OLUNYE UDABA: UNgcobo ugxeke iSafa ngokweseka uJordaan

Le nhlangano ithi iSafa kungumsebenzi wayo ukushumayela ivangeli eliphikisana nokucwasa ngokwebala, ngobulili, iphinde ilwele ukuhlukunyezwa kwabesifazane, ikakhulukazi ebholeni lezinyawo.

"Sifuna uMnyango wezemiDlalo, iSascoc [SA Sports Confederation and Olympic Committee], abaxhasi kanye nabo bonke abanye abasebenzisana ne-Safa ukuba bayigxeke le nhlangano yebhola baphinde bayiphoqe ukuba ummise uMnu Jordaan kuze kuphothulwe icala.

"Ukuziphatha okufananalokhu akwamukelekile, kumele kugxekwe yiwona wonke umphakathi.”

Okhulumela iSafa uDominic Chimhavi kubikwa ukuthi uthe laba ngabantu nje abangaziwa abazibiza ngenhlangano yomphakathi, abafuna ukungcolisa igama le-Safa.

 - Sowetan Live

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...