Ingase ibe sehlazweni iBafana

2017-10-03 18:00

Johannesburg - IBafana Bafana ingase iphenduke inhlekisa ngokuthi idlale phambi kwezihlwele eziyidlanzana kulandela ukuvela kokuthi kusadayiswe amathikithi angu-300 nje kuphela ngoLwesibili.

Kulo mdlalo iBafana izobe idlala owokuhlungelwa eyeNdebe yoMhlaba ka-2018 neBurkina Faso e-FNB Stadium ngoMgqibelo, kubika iSowetan.

Isinqumo seSouth African Football Association sokuyisa lo mdlalo eGoli sibukeka singabanga ngesiphusile kanti abagqugquzeli kuthiwa bazama ngakho konke ukuqinisekisa ukuthi abathelwa ngehlazo, njengoba intengo yamanani amathikithi seyehlile isuka ku-R100 yaba ngu-R50.

Isikhulu esiphezulu seStadium Management, uJacques Grobbelaar, uqinisekisile ukuthi kusadayiswe amathikithi angu-300 nje kuphela nakuba sekusele izinsuku ezintathu kudlalwe lo mdlalo.

"Kuhamba kancane kakhulu ukuthengwa kwamathikithi," esho.

OLUNYE UDABA: UBenni unethemba lokucija iBafana ngelinye ilanga

Ukuqinisekisa ukuthi izinto azihambi neze kahle, labo balandeli abayidlanzana abathenge amathikithi ngo-R100 bazoncengwa ngengilazi eyodwa kabhiya uma sebefika enkundleni ngoMgqibelo.

Ngesikhathi umqeqeshi weBafana uStuart Baxter ememezela isikwati sakhe ngomhlaka-20 Septhemba, kwabuzwa ngodaba lwamanani amathikithi kanye nokuthatha amashansi ngokuthi lo mdlalo udlalelwe eGoli.

Lokhu kungenxa yokuthi abalandeli bebhola baseGoli badume ngokuduba ukuyobuka iBafana ezinkundleni uma ike yadlala ibhola elingacacile.

ISafa noGrobbelaar bebenethemba lokuthi abalandeli bazoyigcwalisa le nkundla emumatha abantu abangu-40 000.

IBafana yagcina ukudlala e-FNB ngoMashi 2014 ngesikhathi ithelwa ngesibhaxu sika-5-0 yiBrazil emdlalweni wesihle.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...