Ingamanga eyokuthi sigaqele uPiennar - Bobby

2016-07-28 14:32

Johannesburg – Imenenja yebhola kuKaizer Chiefs uBobby Motaung usewaphebezile amahlebezi athi akusensukuzatshwala uSteven Pienaar asayinde naleli qembu.

UMotaung uchazile ngoLwesithathu ukuthi aMakhosi akhethe ukungamsayinisi lo mdlali obegijima ku-Everton, njengoba iziphathimandla zeqembu ziveze ukuthi benele abadlali abanesipiliyoni kuleli qembu.

"Uma usayinisa umdlali ofana noSteven usuke ulindele ukuthi amava akhe adlulele kwabanye abadlali aphinde abe yisiboneli kwabanye,” kusho uMotaung ecashunwa yiTimes Live.

OLUNYE UDABA: Isidaluliwe imali efunwa uPienaar uma ebuyela ku-PSL

"Sesinabo abadlali abanamava abafana noShabba (Siphiwe Tshabalala) no-Itu (Itumeleng Khune).

“Asisiboni isidingo sokuzixaka sifune uSteven ukuba azokwenza into esivele yenziwa abanye abadlali. Ngicabanga ukuthi senele ngabadlali abacija abanye.”

Amanye amaqembu okwathiwa agaqele lo mdlali yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...