Indumalo kuTwitter ngokushona kowayedlalela amaSpringbok

2017-02-06 16:02

Cape Town – Abathandi bezemidlalo sebezwakalise okukhulu ukudumala kulandela ukuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni kwalowo owayeyi-scrumhalf eqenjini lesizwe lombhoxo, amaSpringbok, uJoost van der Westhuizen.

Le nkakha ishone ngoMsombuluko ineminyaka engu-45 ubudala ngemuva kokunqotshwa yisifo ebesiyihlasele, i-motor neuron disease.

Umufi ubethathwa njengenye yama-scrumhalves aphambili emlandweni.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: Akasekho emhlabeni uJoost Van der Westhuizen

UVan der Westhuizen uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi ngoMgqibelo, lokhu kuqinisekiswe yinhlangano yakhe, iJ9 Foundation.

Le nhlangano iphinde yadalula nokuthi uVan der Westhuizen ushonele ekhaya, engungwe abathandiweyo bakhe.

Phezu kozinzo kanye nokubonisa izimpawu zokubona abantu abaseduze kwakhe, uVan der Westhuizen ugcine ngokudlula emhlabeni ngoMsombuluko ntambama.

Ngemuva kokuvela kwalezi zindaba kube nokuphawula okwahlukene enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...