'Indodana yami ingcono kunabadlali abaningi abagijima kwi-PSL'

2018-03-16 11:01

Johannesburg - Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates neSantos uKamaal Sait ukholelwa ukuthi indodana yakhe uJunaid ingcono kakhulu kunabanye abadlali abagijima kwi-PSL.

UJunaid Sait njengamanje usemabhukwini e-Ajax Cape Town, kodwa akavamile ukuthola ijezi kuleli qembu selokhu elijoyine esuka kwi-Stellenbosch FC edlala kwi-National First Division.

Lo mdlali usabonakale kathathu kuphela, nakhona lapho kwakusaqeqesha uStanley Menzo.

Akubukeki nokho esezinhlelweni zikaMuhsin Ertugral.

OLUNYE UDABA: U-Ace Ngcobo uhoxile embangweni wesokuhola i-Safa

"Ngicabanga ukuthi ungcono kakhulu kunabanye babadlali abakhona kwi-PSL, nakuba umqeqeshi uMuhsin engakuboni yena lokho, kodwa ngiyasiqonda isizathu njengoba umsebenzi omkhulu ohlalele uMuhsin kungukuvika izembe,” kusho uJunaid etshela iKickOff.com.

“Ngakho nakanjani uzodlalisa abadlali abaziyo ukuthi bazodlala into ayifunayo, hhayi asazobazama. Ngakho uma ngiyibuka kanjalo nginakho ukuqonda kodwa ngicabanga ukuthi ungcono kakhulu kunabanye babadlali abaningi kwi-PSL abavamile ukudlaliswa.

“Nakuba okwamanje kunzima ukuthola ijezi kwi-Ajax nginesiqiniseko sokuthi uzolithola ithuba ngelinye ilanga."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...