Incwadi kaTeko Modise ilandisa ngokusetshenziswa komuthi kwiPirates

2017-11-29 19:37

Johannesburg - Incwadi entsha yomdlali webhola likanobhutshuzwayo uTeko Modise iveza imikhuba ekhona ebholeni lakuleli yokusetshenziswa komuthi ngesikhathi esadlalela i-Orlando Pirates.

Le ncwadi esihloko sithi The Curse of Teko Modise‚ ixoxa ngokugeza ngomuthi phakathi kwamabili ngezinsuku ezandulela imidlalo okwakuphoqelekile ukuthi bakwenze bengabadlali bePirates phakathi kuka-2007 no-2011 uModise esadlalela le kilabhu yaseMayfair.

“Kwakukuningi okwakumele ngikujwayele kwi-Orlando Pirates. Enye yezinto ezazigqamile kwakuwukusetshenziswa komuthi," kucashunwa isiqeshana encwadini kaModise.

Kule ncwadi kuvela ukuthi wathi efika kwiPirates uModise, wethulwa esangomeni seqembu.

OLUNYE UDABA: Kuyiphupho lami ukudlala noYeye - Teko Modise

"Ngesonto lokuqala efikile kule kilabhu uModise, lesi sangoma sathi sifuna ukuzama into entsha. Kwathi ngelanga lomdlalo, isangoma sabeka induku yavundla emnyama ongenela emagumbini abagqokela kuwo, bayalelwa ukuthi wonke umdlali kumele ayeqe."

Kwathi uma kubonakala ukuthi lo mkhuba wenduku awusebenzi, isangoma saveza ukuthi abadlali kumele bageze ngomuthi ngaphambi komdlalo.

Kuvela ukuthi abadlali babevuswa phakathi kwamabili ngelanga elandulela umdlalo bagezwe ngalo muthi ukuze bezonqoba.

"Ngenxa yokuthi abadlali abaningi babekholwa, lokhu kwakubenza bangazizwa kahle," kuqhuba le ncwadi.

Thola umbiko ophelele lapha.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...