Imidlalo yezaguga izobanjelwa eMargate ngelizayo

2017-09-01 12:29

Durban - UMnyango wewezeMidlalo nokuNgcebeleka kwaZulu-Natal uhlanganyele nomnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, iHhovisi likaNdunankulu, nomnyango wezeMpilo ukunethulela midlalo eyaziwa ngokuthi yi-Golden Games.

Lena yimidlalo yezaguga ezineminyaka esuka kwengu-60 ubudala kuyaphezulu kanti iyingxenye yhlelo lukahulumeni lokubhekelela izaguga.

Kulo nyaka, lemidlalo yengamelwe yisikhungo sezemidlalo nokungcebeleka sasoGwini eMargate ngaphansi kukamasipala wesifunda soGu kusukela ngomhlaka 12 nomhlaka 13 ku-Septhemba.

OLUNYE UDABA:Yonke imidlalo ye-MTN8 eyandulela owamanqamu

Zonke izaguga ezibamba iqhaza kulokhu zimele izifunda zabo futhi zibamba iqhaza imidlalo efana neokuhamba njengedada, ukugijima, ibhola, i-jukskei kanti futhi ikhona nemidlalo eyenzelwe labo abahamba behleli.

Ikhona nemiklomelo ezotholwa yilabo abadle umhlanganiso kanti kudlalwa ngokwamaqoqo amabili, yilabo abaneminyaka engu-60 kuya ku-65, kanye nalabo abaneminyaka engu-70 kuya phezulu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...