Imidlalo yeNedbank Cup ngempelasonto

2017-05-19 10:59

Cape Town – Iyaqhubeba imidlalo yomqhudelwano weNedbank Cup kule mpelasonto njengoba sekusele amaqembu amane kuphela.

Amaqembu asesele yi-Orlando Pirates, iSuperSport United, iChippa United kanye neGolden Arrows.

OLUNYE UDABA: Inhlokomo kuTwitter iWits ithatha iligi

IPirates kanye nabalandeli bayo basibheke ngabomvu lesi sicoco ukuthi sibaduduze njengoba bebe nesizini engeyinhle neze nalapho bezithola khona bengaphandle kwamaqembu angu-8 aphambili kwi-log ye-Absa Premiership. 

Uma ngabe lezi zinkuzi zaseSoweto zisinqoba lesi sicoco lokho kungabaduduza kakhulu abalandeli beqembu njengoba leli qembu lingakathathi ngisho nesisodwa isicoco kule sizini.

Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weSuperSport United, uStuart Baxter, naye uzobe ebheke ukuvala ngegiya eliphezulu kuSuperSport United njengoba esanda kuqokwa njengomqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana.

NGOMGQIBELO, MEYI 20

Chippa United v SuperSport United - 15:00

NGESONTO, MEYI 21

Golden Arrows v Orlando Pirates - 15:00

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...