Imidlalo ye-Nedbank Cup yangoMgqibelo imi kanje...

2017-04-21 14:00

Durban - Abathandi bebhola likanobhutshuzwayo bazokuthokozela ukuchitha usuku lwabo phambi kukamabonakude njengoba zizobe zisina zidedelana izinkunzi ezindala koweNedbank Cup ngoMgqibelo.

Yonke imidlalo yama-quarter finals izodlalwa ngoMgqibelo mhlaka-22 ku-Ephreli kanti umdlalo wokuqala uzoqala ntambama ngo-15:00 lapho kuzothathana khona iGolden Arrows nePlatinum starts.

Kanti eNelson Mandela Bay abafana bakaJomo Sono bazothathana neChippa United ngo-15:00 ntambama.

EGoli Amakhosi azobhekana nezinkunzi okuyizona ezisaphethe lesi sicoco i-SuperSport United ngo-18:00, bese kugoqa ezikaMagebhula ngo-20:30 zithathana neSiwelele enkundleni yase-Orlando.

Amathikithi aseyatholakala kuzo zonke izikhungo zeTicketPro kanye nasezitolo ezikhethekile. La mathikithi aqala ku-R40 kuya ku-R60.

Uhlu lwemidlalo ngokulandelana kwayo:

GOLDEN ARROWS VS PLATINUM STARS - PRINCESS MAGOGO STADIUM - 15:00 -  R40

CHIPPA UNITED VS JOMO COSMOS - NELSON MANDELA BAY STADIUM  -15:00 -  R40

KAIZER CHIEFS VS SUPERSPORT UNITED - FNB STADIUM - 18:00 - R60

ORLANDO PIRATES VS BLOEMFONTEIN CELTIC - ORLANDO STADIUM - 20:30 - R60

OLUNYE UDABA:UPitso akaliphonsi ithawula ngesicoco seligi

Ngokusho kwabe-PSL, ngoMsombuluko mhlaka-24 kwephezulu, kuzokhethwa amaqembu azoqhudelana emidlalweni eyandulela owamanqamu.

“Lokhu kuzovezwa kuSuperSport 4 ngo-19:00, abathandi bebhola bangakulandela lokhu nasezinkundleni zokuxhumana ngokulandela ikhasi i-@OfficialPSL (Twitter) kanye ne-Official PSL (ku-Facebook),” kusho uLuxolo September.

USeptember uthi bazobe besebenzisana neziphathimandla zakwaNedbank.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...