Imibiko ithi izinkunzi zaseGibhithe zifuna isihlabani seDowns

2017-11-10 18:00

Johannesburg - Izinkunzi zaseGibhithe, iZamalek, kubikwa ukuthi sezikuqinisekisile ukuthi zifuna umdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat.

Le kilabhu yaseGibhithe ingenye yamakilabhu osekunesikhathi eside kubikwa ukuthi afuna uBilliat.

Ngokwemibiko, iZamalek ikuqinisekisile ukuthi izozama ukusayinisa lo mdlali ngewindi lokuthengiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Umsizi kamqeqeshi weZamalek, uTarek Yehia, ucashunwe ethi ikilabhu yakhe izozama nakanjani ukusayinisa uBilliat.

OLUNYE UDABA: USukazi uqinisekise ukuthi uKhuzwayo usajabulile kwiChiefs

“Nakanjani ngiyafisa ukusayinisa uKhama Billiat kwiZamalek. Ungumdlali onomqondo, unekhono futhi. Nakanjani sizozama ukumsayinisa.

“Uma umengameli weZamalek, uMortada Mansour, ezimisele ngaye lo mdlali, uzomletha lapha nakuba namanye amakilabhu emfuna,” kusho uYehia ngokwemibiko yabezindaba eGibhithe.

Inkontileka kaBilliat neSundowns izophelelwa yisikhathi ngoJuni 2018.

UBilliat ulokhu emanqika ukusayina inkontileka entsha neDowns, kanti nayo iDowns ibukeka sengathi isiqalile ukufuna umdlali ozovala indawo yakhe, okusho ukuthi isiliphonsile ithawula.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...