IMamelodi Sundowns iyazenzela ebholeni lakuleli - Ertugral

2018-01-09 09:35

Johannesburg - Umqeqeshi we-Ajax Cape Town uMuhsin Ertugral ukholelwa ukuthi iMamelodi Sundowns abazodlala nayo ngoLwesibili ebusuku iyikilabhu ephambili kuleli, futhi izosithatha isicoco seligi.

I-Urban Warriors izobhekana neDowns eqhwakele esicongweni seligi emdlalweni ozoba seCape Town Stadium, kodwa yona ihlezi kunombolo-15 ku-Absa Premiership.

Kanti nakuba aMasandawana ehlulwe ngo-3-2 edlala nePolokwane City, u-Ertugral ukholelwa ukuthi iqembu lakhe lizodlala nekilabhu elizoba ngompetha kule sizini, kanti bazowina ‘ngenhlanhla’ kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi uthi ufuna abadlali abasha azoqinisa ngabo isikwati sakhe

“ISundowns iyikilabhu engaphezu kwebhola laseNingizimu Afrika, yawina iChampions League futhi ngicabanga ukuthi izowina neligi,” esho.

U-Ertugral ubuyele okwesine kwi-Ajax ngaphambi kokuqala kwesigaba sesibili sesizini kodwa wehlulwa ngo-2-1 yiMaritzburg United emdlalweni wakhe wokuqala ebuyile.

Umdlali we-Ajax neDowns uzoba seCape Town Stadium kanti kulindeleke uqale ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...