Imali yami yaphelela ezintombini nasezimotweni - Umdlali obhedelwa yizinto

2017-09-05 12:31

Johannesburg - Uthwele kanzima owayengumdlali webhola lezinyawo kuleli njengoba engasenamali futhi umuzi kanye nemoto kungasabonwa.

ULerato Chabangu waphoqeleka ukuba abuyele emzini kagogo wakhe eTembisa, kanti manje ucela amaqembu ePSL amnikeze elinye ithuba.

Izinto aziphindanga zamhambela kahle lo mdlali ebholeni selokhu achithwa yiChippa United esikhathini esingangonyaka esedlule.

"Ngangiyidla yonke imali yami ngezinto ezingenasidingo ngoba imali nganginesiqiniseko sokuthi izongena futhi ngenyanga elandelayo,” kusho uChabangu etshela iSowetan.

"Sasijwayele ukuqeda ukujima ngabo-11:00 ekuseni ngemva kwalokho sesikhululekile ukuba singenza esikuthandayo. Sasiya eshiyanyama sizoyipholela siziphuzele, kwase kuyinto ejwayelekile.”

Nakuba emile ekutheni ufuna ukubuyela ensimini, lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala akasekho esimeni ayekusona kudala.

Lo mdlali owayegijima nakwiMamelodi Sundowns neMoroka Swallows wadlelwa umuzi wakhe oseBoksburg kanye nemoto ngenxa yokwehluleka ukukhokha.

OLUNYE UDABA: Uvule isifuna owoThando Nes'thembu

"Ngahlukana nomkami ngenxa yezinkinga zemali futhi angisayiboni nendodakazi yami (eneminyaka eyisithupha ubudala) ngoba ihlala nonina.

"Ngenza amaphutha amanini empilweni yami futhi ngafunda isifundo. Kunzima, angiyena-ke nomuntu othanda ukucela.

"Angisasalelwe yilutho. Ngazi ukudlala ibhola kuphela futhi ngiyethemba ukuthi osanganginikeza elinye ithuba.”

"Ngangikwazi ukuthenga izinto zikanokusho. Ngesikhathi kufika iGolf V ngayithenga ngaphandle kokucabanga kabili. Futhi njengoba wazi nawe amantombazane ahlala ekhona, kodwa inkinga enkulu kwakuwutshwala.”

Njengoba nabangani sebemlahlile, uChabangu usechitha isikhathi nomndeni wakhe eTembisa kodwa uyaqhubeka nokujima ngakubo.

Uthi uthanda ukwelulake abanye abadlali ukuba balondoloze imali nakuba kunzima  kodwa kumele bacabangele ikusasa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...