ILeopards isikulungele ukudedela ofunwa yiChiefs - Umbiko

2016-08-11 14:30

Johannesburg - IBlack Leopards isigcine ivumile ukudedela umdlali wasesiswini uSiphelele Ntshangase njengokufisa kwakhe, kanti iKaizer Chiefs iyona ebukeka isethubeni elihle lokumthola.

IKickOff.com ibika ukuthi iLeopards izimisele ngokudedela uNtshangase kanti kumanje isezingxoxweni namaqembu azimisele ngokukhokha imali ezokwenza leli qembu limdayise lo mdlali.

Funda nalolu daba: UMotaung uphebeza imibiko ngomdlali

UNtshangase sekuphele unyaka kubikwa ukuthi angase alishiye leli qembu, kanti manje kubukeka emaningi amathuba alokho.

Imithombo engaphakathi kwiLeopards ithi iqembu selikwamukelile ukuthi lingase lidlale ngaphandle kwakhe lo mdlali ngesizini ezayo.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...