Ikilabhu yebhola ixwayisa ngabaqola abadlali besebenzisa igama layo

2017-07-12 12:31

Johannesburg - IJomo Cosmos isisabise ngokuthathela izinyathelo abantu abathile abazenza abantu abafunela abadlali amaqembu besebenzisa igama lale kilabhu bese beyabaqola, kubika iKick Off.

“Sesibonile izenzo zobugebengu zokukhwabanisela abadlali abangenacala kusetshenziswa igama leJomo Cosmos FC njengenkundla,” kubeka iCosmos esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: IPirates isijoyine agaqele ophelelwe yinkontileka kuSundowns

“Ngenxa yalokhu, ikilabhu ingathanda ukuziqhelelanisa nalezi zigilamkhuba ezizenza abamele abadlali kanye/noma abaphathi, futhi sisebenzisa leli thuba ukuxwayisa bonke abanentshisekelo yokuba ngabadlali ukuthi bavule amehlo futhi bangabi yizisulu zala maqola ebhola angenanembeza, akhwabanisayo azulazula emigwaqeni.

“IJomo Cosmos izophinde ithathe izinyathelo ukuqeda lesi simo esibi, kanti nonoma ngubani omunye umuntu noma iqeqebana elizobanjwa lenza lobu bugebengu egameni lekilabhu, uzojeziswa.”

Leli qembu libe selicela labo abafuna ukucaciseleka ukuba bafonele amahhovisi abo enombolweni ethi 011 026 3672.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...