Ikilabhu yaseTurkey ifuna umdlali wePirates - Umbiko

2018-01-17 12:31

Johannesburg - Ikilabhu edlala esigabeni esiphezulu eTurkey, i-Antalyaspor, ifuna umdlali we-Orlando Pirates odlala esiswini, uBernard Morrison, kubika iKickOff.com

Lo mdlali waseGhana kulindeleke alifulathele maduzane elakuleli eyophothula isivumelwano sakhe naleli qembu, ngokusho kwemithombo.

"Kusanezinto ezimbalwa okusamele zenziwe ngaphambi kokuba alibhekise eTurkey," ngokomthombo.

"Uma izinto zihamba kahle, uzohamba ngesonto elizayo."

OLUNYE UDABA: I-Ajax ihlola owayengumdlali weChiefs neDowns

UMorrison wehlulekile ukwenza izinto ebezilindeleke kuyena kusukela efika kwi-PSL ngemuva kokujoyina amaSea Robbers ngenkontileka yeminyaka emithathu ngo-Agasti esuka kwi-AS Vita yaseCongo ngo-2016.

IPirates isanda kudedela uThabo Rakhale noNkosinathi Mthiyane abajoyine iChippa United ngoJanuwari, kanti no-Abbubaker Mobara angase adedelwe.

Ikusasa lika-Ayanda Gcaba libukeka limfiliba kwiBhakabhaka njengoba nenkontileka yakhe izophelelwa yisikhathi ngoJuni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...