Ikhala ngeholo elifunwa obedlala eNgilandi i-Arrows

2016-09-29 14:30

Johannesburg - IGolden Arrows ingathanda ukuphinde isayinise uKagisho Dikgacoi kodwa iyavuma ukuthi kungenzeka ingakwazi ukumnika iholo alifunayo.

UDikgacoi, 31, ubehleli nezihlwele ngesikhathi i-Arrows ibambana ngo-1-1 neSuperSport United ePrincess Magogo Stadium KwaMashu, eThekwini izolo ebusuku.

Isikhulu se-Arrows uMato Madlala izolo uzwakalise ukuthi bayamdinga uDikgacoi kodwa wakhala ngezimali okwamanje.

Funda nalolu daba: Umqeqeshi usikaza ukushiya iTeam of Choice

Lo mdlali owayedlala nakuBafana Bafana akanalo iqembu kulandela ukudedelwa yiCardiff City ngaphambi kokuqala kwesizini.

UDikgacoi wayengukapteni we-Arrows ngaphambi kokuba ayephesheya kwezilwandle ngo-2009, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...