IKaizer Chiefs nomkhankaso olwisana nenzondo kwabokufika

2017-03-16 11:04

Cape Town - IKaizer Chiefs isiyethule kabusha umkhankaso wayo wokulwisana nenzondo ebhekiswe kwabokufika nozokwaziwa ngokuthi yi-Africa4Life.

Lokhu kulandela ukuqubuka kodlame lwakamuva phakathi kwabakuleli kanye nabokufika.

OyiMarketing Director yeKaizer Chiefs, uJessica Motaung, uthi kubaphatha kabi kakhulu ukuthi sebethula kabusha lo mkhankaso we-Africa4Life futhi.

“Sasikholwa ukuthi lezo zinsuku ezimbi sezingemuva kwethu, kodwa ngenxa yokwenyuka kodlame kwabase-Afrika abangabokufika, sibona ukuthi kunesidingo sokuthi sethule kabusha lo mkhankaso,” uMotaung utshele iwebsite yekilabhu.

OLUNYE UDABA: Owayeqeqesha iPirates usevumile ukuthatha iBafana - Umbiko

“Sibona ukuthi kubalulekile ukuthatha izinyathelo ukwenza ngcono isimo nokuthi sifake umuzwa wokuzwana phakathi kwabantu abasuka ezindaweni ezingafani.

“Ngomkhankaso we-Africa4Life, indlela yethu yokukhombisa ukuthi sibona ukubaluleka ezimpilweni zabantu ngokulingana.”

Emdlalweni olandelayo, amaGlamour Boys azolibangisa ePeter Mokaba Stadium nalapho ezobhekana khona neBaroka FC emdlalweni wePSL ngoMgqibelo.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...