IKaizer Chiefs isihlukene nomgadli wayo

2017-04-07 10:59

Cape Town – IKaizer Chiefs isimemezele ukuthi isihlukene nobengumgadli wayo, u-Edward Manqele, ngemuva kokuvumelana ngokuthi kunqanyulwe inkontileka yakhe.

Lo mgadli uhluleke wancama ukwenza into ebonakalayo esikhathini asichithe kumaGlamour Boys, nalapho egcine eshaye khona igoli elilodwa nje kuphela emidlalweni engu-23 esikhathini esiyisizini eyedlule nohhafu.

Nokho akuthusanga ukuhamba kwalo mdlali kuChiefs njengoba ngemuva kokuthi afakwa ohlwini lwabadlali abazokhululwa ngaphambi kokuba kuqhubeka isizini.

OLUNYE UDABA: IChippa ithukuthele iyaveva ngendlela yeBafana yokuziqeqesha

“UManqele wafakwa ohlwini lwabazokhululwa ekupheleni kwesizini eyedlule kodwa akasayinwanga,” iMenenja yeChiefs, uBobby Motaung, utshele i-website yale kilabhu.

“Ngemuva kokukhuluma sivumelene [ngokuthi] kuhle ukumkhulula ukuze athole ikhaya elisha bese eqhubeka nekusasa lakhe ebholeni.”

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala useshaye amagoli angu-29 emidlalweni engu-94 yeligi kusukela aqala ukudlala kuPremiership, kuFree State Stars.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...