IKaizer Chiefs icabanga ukubolekisa ngomdlali

2017-08-16 16:00

Johannesburg - Kubikwa ukuthi umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uSibusiso Khumalo, angase abolekiswe ukuze ezothola ijezi, kanti AmaZulu kubukeka ezimisele ngaye.

UKhumalo ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini edlule kodwa manje kubukeka sekunzima ukuthola ijezi njengoba ebangisana noTsepo Masilela kanye nomdlali omusha uPhilani Zulu.

Ngesizini edlule, uKhumalo udlale imidlalo engu-16 kuyona yonke imiqhudelwano kodwa wagcina ukudlala oweligi ngoFebhuwari 11 bedlala neMaritzburg United, kanti uMasilela uyena obevame ukudlala endaweni yakhe.

OLUNYE UDABA: Osayiniswe yiDowns izoyizwa ngendaba iChampions League

Lo mdlali uzimisele ngokuthola ijezi nokuyinto aseyazise iChiefs, esicabanga ukumbolekisa eqenjini langakubo.

IChiefs iphinde yakhombisa ukungesabi kangako ngalo mdlali njengoba imdedelile ukuba ajoyine iBafana Bafana engaqinile kangako ezodlala neZambia kweyokuhlungela imidlala ye-CHAN ngoMgqibelo, kubika iKickOff.com.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...