IDowns ufuna owePirates azovala esikaBen 10 - Umbiko

2016-03-10 11:30

Johannesburg - IMamelodi Sundowns igaqele umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMpho Makola, njengoba ifuna ozovala indawo kaBongani Zungu, nakuba emancane amathuba okuba iBhakabhaka limdedele.

Kunamahlebenzi abhebhethekayo okuthi iDowns ifuna uBibo azovala indawo kaBen 10 ozolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini.

Phambilini leli qembu lidalule ukuthi selimbonile umdlali ozovala esikaZungu, kanti limbone eSouth America.

Funda nalolu daba: Agasele emahhovisi eFIFA amaphoyisa

Kodwa njengoba loyo mdlali wase-Argentine emancane amathuba okuba ajoyine amaBrazilians, iqembu selibheka kwenye indawo.

Ngokwemithombo yeSoccerLaduma engaphakathi kwiDowns, leli qembu ligaqele uMakola.

“Ithimba labaqeqeshi lifuna ozovala isikhala sikaBongani Zungu, kanti okwamanje abakasithathi isinqumo, kodwa babheka uMpho Makola we-Orlando Pirates,” kusho umthombo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Partly cloudy. Mild. PE: 11-18°C a few tstorms. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...