IDowns izosivikela kalula isicoco seligi - Igesund

2016-11-28 16:01

Johannesburg - Umqeqeshi weHighlands Park uGordon Igesund ukholelwa ukuthi iMamelodi Sundowns izosivikela kalula isicoco seligi kule sizini.

U-Igesund uncome iSundowns ngemuva kokushaya iHighlands ngo-5-0 eLoftus Versfeld Stadium ngeSonto.

"Ngicabanga ukuthi leli qembu lisazoya kude, lizosinqoba kalula isicoco. Linabadlali abasezingeni eliphezulu futhi kumele sikuvume lokho. Kumele singazikhohlisi.”

OLUNYE UDABA: OweSundowns uncoma uMosimane ngomgqigqo 

ISundowns okwamanje isalele emuva ngemidlalo ngenxa yomqhudelwano we-CAF Champions League abagcine bewunqobile ngenyanga edlule.

Iqembu likaPitso Mosimane selidlale imidlalo emine lingehlulwa, kanti lilandela ngamaphuzu ayisikhombisa kwiBidvest Wits eqhwakele esicongweni, kubika iKickOff.com.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...