IDowns izodlala ngaphandle kwabadlali abane

2017-12-05 18:00

Johannesburg - IMamelodi Sundowns isimemezele ukuthi inabadlali abane abalimele ngaphambi komdlalo wayo neBaroca FC.

Le kilabhu ikuqinisekisile ukuthi u-Anthony Laffor noFares Hachi nabo ngeke badlale uma seyibhekene neBaroka FC ngoLwesibili ebusuku.

AmaBrazilian azosingatha iBaroka emdlalweni we-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium namhlanje ebusuku.

IDowns ikhiphe uhlu lwabadlali abalimele kwi-website yayo.

OLUNYE UDABA: Ngeke ngakukhohlwa engakwenzelwa yiChiefs

“U-Anthony Laffor noFares Hachi nabo ngeke badlale uma iMamelodi Sundowns isidlala kowe-Absa Premiership neBaroka FC esesicongweni. ULaffor walimala onyaweni ngesikhathi sidlala neChippa United, akelulamanga ngesikhathi ukuze ezokwazi ukudlala kulo mdlalo.

“UHachi ungomunye umdlali osengene ohlwini lwabalimele, kulandela ukudonseka umsipha okwenze ukuba angafakwa esikwatini esizodlala kulo mdlalo obalulekile.

“ULucky Mohomi usanesa idolo lakhe, kanti noCuthbert Malajila uselulama kulandela ukuhlinzwa,” kusho uDowns. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...