IDowns iqede ilele emsileni koweFifa Club World Cup

2016-12-14 12:30

Johannesburg - IMamelodi Sundowns ithole isibhaxu sika-4-1 ngesikhathi idlala neJeonbuk Hyundai emqhudelwaneni weFifa Club World Cup ngesikhathi ilwela indawo yesihlanu.

ISundowns ingenelwe amagoli ayisithupha emidlalweni emibili kulo mqhudelwano kanti uPercy Tau uyena oshayele ompetha base-Afrika igoli lokubika ekhaya.

OLUNYE UDABA: IDowns idlala nelaseKorea koweNdebe yoMhlaba

Abafana baPitso Mosimane bavule lo mqhudelwano ngesibhaxu sika-2-0 ngesikhathi bebhekene neqembu laseJapan, i-Kashima Antlers, esizitholele indawo kowandulela owamanqamu.

AmaBrazilians abenethemba lokubuyisa izinduku ngokuthi ashaye ompetha base-Asia, kodwa alandele emuva zisuka nokwenze kwanzima ukubuya.

Lo mphumela uchaza ukuthi iSundowns iqede kulo mqhudelwano ilele emsileni.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Numerous showers. Overcast. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...