IDowns bekumele yenze imali ngoBilliat - Mngqithi

2017-12-05 14:00

Cape Town - Umsizi kamqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi kwakumele adayiswe uKhama Billiat ngesikhathi iDowns inqoba i-CAF Champions League ngo-2016. 

UBilliat waba ngomunye wabadlali abadlala ibhola eliyingcwenga elaholela empumelelweni yamaBrazilians e-Afrika ngonyaka owedlule, waphinde wayamaniswa nokuyodlala phesheya kwezilwandle.

Nokho ukuhamba kukaBilliat kwaphelela emoyeni, kanti nango-2017 lo mdlali odabuka eZimbabwe akazange abe nayo leyo nhlanhla.

Kungenzeka ukuthi lo mdlali ashiye le kilabhu yasePitoli uma kuphela isizini, kanti uMngqithi uthi ngokwakhe ubona sengathi ikilabhu yenze iphutha ngokungamdayisi lo mdlali ngesikhathi esavutha bhe.

OLUNYE UDABA: UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

UMngqithi uthi indlela efanele yokugcina umdlandla ekilabhini wukuthi kudayiswe bonke abadlali abanohlonze kwiSundowns.

"Uma abadlali sebenqobe konke nawe, okumele ukwenze ukuthi ubadedele ukuze ukwazi ukuqala phansi ubase umlilo, wakhe ukulangazelela nentshisekelo," esho ecashunwa yiThe Star.

"Uma uqhubeka nesikwati esifanayo ngethemba lokuthola umphumela ofanayo, lokho akusebenzi.

"Ngisho kungathiwa abadlali banethalente elingakanani, kumele unake kakhulu intshisekelo ngoba yilapho umfutho oqhamuka khona."

UMngqithi uthi ngokwakhe iDowns bekumele idayise bonke abadlali abanohlonze bese ithola imali, ukuze izokwazi ukuqala kabusha yakhe ikilabhu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...