IDowns ayikakukhohlwa okwenziwa yiWits ngesizini edlule

2017-11-21 16:00

Johannesburg - UThokozani Sekotlong wayengekho kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule ngesikhathi iBidvest Wits ibaphuca inqatha emlonyeni, kodwa lo mdlalo uwuthatha "njengowamagqubu".

ISundowns ilungiselela ukudlala neWits eBidvest Stadium ngoLwesibili (19:30), lo mdlali owayegijima kwiFree State Stars usewuchaze njengobalulekile lo mdlalo kula maqembu amabili.

ISundowns ilele kunombolo-8 ngamaphuzu angu-12, ilandela iBaroka FC esesicongweni ngamaphuzu amahlanu, kodwa yona inemidlalo emithathu esandleni.

Uma bengashaya iWits engenzi kahle kulezi zinsuku, nakanjani lokho kuzobabeka ethubeni lokuqeda unyaka besendaweni enhle.

OLUNYE UDABA: Ezimnandi kumqeqeshi wamaZulu FC

“Umdlalo ozobanzima lo. Ufana nowamagqubu ngenxa yokuthi iSundowns yehlulwa yiWits embangweni wesicoco seligi ngesizini edlule,” kusho uSekotlong kwi-KickOff.com.

"Nabo, njengathi, abaqalanga kahle isizini, ngakho lokhu kuzokwenza lo mdlalo ubekwelinye izinga ngoba ozowina uzobuyelwa ukuzethemba.”

Khonamanjalo uSekotlong uthi uyakwamukela ukuncintisana kwabadlali okukhona eChloorkop.

IWits izoya kulo mdlalo igcwele ukuzethemba kulandela ukwehlula iKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu eTelkom Knockout. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...