Idolobha laseThekwini yilona elizovula imidlalo ye-MDC kule sizini

2017-09-01 12:29

Durban - Isizini yesine yemiqhudelwano yeMultichoice Diski Challenge (MDC) eyaziwa futhi ngokuba yi-PSL Reserve League iyaqala ngesonto elizayo.

AbePSL sebekhiphe uhlu lwemidlalo ezodlalwa kule sizini ka-2017/18 Multichoice Diski Challenge.

Abaxhasi bale midlalo i-Multichoice isimemezele iTheku njengedolobha lokuqala elizovula le midlalo ngomhlaka 9 nangomhlaka 10 kuSepthemba 2017.

Le midlalo izodlalelwa enkundleni iSugar Ray Xulu. Kungokokuqala ukuba le midlalo idlalelwe kule nkundla.

Ompetha bale ligi iMamelodi Sundowns yibona abazovula umdlalo wokuqala kanti kukhana namanye amaqembu amakhulu okubalwa kubo i-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs, Free State stars kanye ne-Bloemfontein Celtic azoqhudelanga namakilabhu akwaZulu-Natal i-Lamontville Golden Arrows, Maritzburg United kanye namaZulu.

Imidlalo imi kanje:

UMgqibelo 09 Septhemba 2017

Bloemfontein Celtic vs Mamelodi Sundowns: Sugar Ray Xulu Stadium 10:00

Baroka FC vs Bidvest Wits: Old Peter Mokaba Stadium 10:00

AmaZulu FC vs Orlando Pirates: Sugar Ray Xulu Stadium 12:00

Cape Town City vs Polokwane City: NY 49 Gugulethu Stadium 12:00

SuperSport United vs Platinum Stars: Lucas Moripe Stadium 12:00

Chippa United vs Ajax Cape Town: Wolfson Stadium 12:00

iSonto 10 Septhemba 2017

Maritzburg United vs Free State Stars: Sugar Ray Xulu Stadium 10:00

Golden Arrows vs Kaizer Chiefs: Sugar Ray Xulu Stadium 12:00 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...