ICity izomemezela ukusayina ‘umdlali omkhulu’

2017-08-10 16:03

Cape Town - ICape Town City kulindeleke ukuthi imemezele ukusayina ‘umdlali omkhulu’ nokuyisivumelwano okulindeleke ukuba sibe ngesikhulu kakhulu kule sizini ngoLwesihlanu njengoba le kilabhu ifuna ukuqinisa isikwadi sayo ngemuva kokushaya into ecokeme emkhankasweni wayo wokuqala we-PSL ngesizini edlule.

 ICity ibilokhu iyamaniswa nabadlali abaningi, njengoba isivele isisayine uTeko Modise, obedlalela iMamelodi Sundowns.

Ngaphambilini umdlali weKaizer Chiefs, uGeorge Lebese, ubelokhu eyamaniswa naleli qembu elizinze eKapa kodwa abukeka emaningi amathuba okuthi aphothule isivumelwano naMasandawana njengoba zishaya ngonyawo lonwabu izinkulumo zezinkontileka phakathi kwaleli qembu elizinze eChloorkop kanye noKhama Billiat – nokungaholela ekutheni kushintshiswane ngoLebogang Manyama.

OLUNYE UDABA: Usejoyine i-Ajax owayedlalela iSundowns

Khonamanjalo, umqeqeshi weCity, uBenni McCarthy, usekuqinisekisile ukuthi u-Aubrey Ngoma kanye noJudas Moseamedi angeke baze badlale uma ngabe le kilabhu isibhekene nePolokwane City.

ICitizens izotholana phezulu neRise and Shine emdlalweni wama-quarter-final we-MTN8 eCape Town Stadium ngoMgqibelo.

UNgoma ubesanda kuhlinzwa edolweni njengoba kade kuyikhefu langaphambi kokuqala kwesizini, kanti uMoseamedi ulimale edolweni ejimini.

Yize noma uNgoma kulindeleke ukuba abuye ngokushesha, uMoseamedi yena kulindeleke ukuba angadlali okungenani isikhathi esingangenyanga.

ICity izoqala umkhankaso wayo wePSL ngokudlala nompetha be-Absa Premiership, iBidvest Wits, ngoLwesihlanu, mhlaka-18 ku-Agasti.

Lo mdlalo uzoqala ngo-15:00 ntambama.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...