ICity isiyehlile ku-R15.5m edayisa ngawo uManyama

2017-08-30 14:00

Cape Town - ICape Town City kubikwa ukuthi isiyehlisile imali edayisa ngayo umdlali wayo ogijima esiswini nohlaselayo, uLebogang Manyama, isuka ku-R15.5m iya ku-R12.4m. 

Ompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns, ilindeleke ukuba ibe yiqembu lokuqala kuleli ukuthi lisayine lesi sethenjwa seCity esineminyaka engu-26 ubudala, nesavalela enethini amagoli angu-13 ePremiership kumaCitizens ngesizini eyedlule.

ISport24 ibisanda kubika ukuthi lo mdlali akasemuhle kahle kule kilabhu kulandela ukuhilizisana nomqeqeshi weqembu, uBenni McCarthy

OLUNYE UDABA: UBenni uthi isethenjwa seCity siphazanyiswa yimibiko yokujoyina iSundowns

Ngokuhamba kwesikhathi uMcCarthy uthe unqume ukungamsebenzisi lo mdlali ngenxa yokuthi uphazanyiswe yimibiko yabezindaba eqagula ukuthi uzoshiya kule kilabhu.

Ngale kokufunwa amaBrazilians, iqembu laseTurkey, iKonyaspor, nalo kubikwa ukuthi ligaqele ukusayina lo mdlali ongowokuzalwa eTembisa.

Yize noma ngaphambilini iCitizens ibingazimisele ngokudedela uManyama ukuthi ahambe, kubukeka sengathi ukwehlisa imali edayisa ngayo lo mdlali weBafana Bafana kuwuphawu lokuthi uvuliwe umnyango kumaqembu amfunayo.

Njengoba sekusele izinsuku ezingaphansi kwezimbili ngaphambi kokuba kuvalwe iwindi lokuthengwa kanye nokudayiswa kwabadlali ngo-Agasti, kusazobonakala ukuthi lo mdlali uzogcina ekwazile yini ukujoyina iqembu afuna ukudlala kulona. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...