ICity isimemezele ukusayina umdlali omusha

2017-03-31 12:35

Cape Town – Iqembu eligijima kuPremier Soccer League (PSL) selimemezele ukuthi selisayinise umgadli ongowokudabuka ezweni laseMalawi, uIsaac Kaliati, ngenhloso yokuqinisa isikwadi salo ngemuva kokuthi enze inhlolokhono ebe yimpumelelo kule kilabhu.

ICity kuyimanje ihleli esicongweni se-Absa Premiership kanti ayizimisele neze ngokuphumula njengoba igaqele ukuhlwitha isicoco seligi ngesizini yokuqala ngqa ikuPremiership njengoba isisayine lo mgadli oneminyaka engu-18 ubudala odlalela iqembu lesizwe eMalawi.

Lo mgadli waseMalawi ujoyina leli qembu elizinze eKapa nje ubekade egijima kuMighty Be Forward Wanderers FC.

OLUNYE UDABA: ISuperSport inike iSAFA igunya lokuxoxa noBaxter

UKaliati – ongumdlali ohlasela esuka esiswini – uqinisekiswe njengomdlali omusha weCity enkundleni yayo yezokuxhumana iTwitter ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokuhlolwa kwakhe okube yimpumelelo nokuthathe inyanga yonke.

Uzokwengeza kuhlu lwabadlali abahlaselayo abavele abathathwa njenganabayingozi kuPSL, nokubalwa kubo uLebogang Manyama, u-Aubrey Ngoma kanye noLehlohonolo Majoro.

ICity izobe ibheke ukuqhubeka nokuhlala esicongweni seligi uma ngabe seyamukela iChippa United enkundleni yezemidlalo i-Athlone Stadium, ngoMsombuluko kusihlwa.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...