ICity isayinise owayengumgadli weChiefs

2018-02-01 09:31

Cape Town – Iqembu elidlala ku-Absa Premiership iCape Town City isimemezele ukuthi isayinise umgadli owake wagijima kwiKaizer Chiefs, uMatthew Rusike.

Ngemuva kokuvela kwamahlebezi athi le kilabhu iphezu kwemizamo yokusayinisa lowo owake wadlala nongumqeqeshi uBenni McCarthy, uSteven Pienaar, iCity isiphinde yamangaza abalandeli bebhola ngokusayinisa uRusike.

"Ngaphambi komnqamulajuqu umqeqeshi uBenni usayinise umdlali omusha weCitizens," kusho iCity kuTwitter.

URusike ubengenakhaya kusukela ngo-Okthoba ngemuva kokushiya iqembu laseTunisia abedlala kulo, iClub Africain.

OLUNYE UDABA: I-Ajax Cape Town isayinise umdlali weMamelodi Sundowns

"ICape Town City ikuthokoze kakhulu ukumemezela ukusayinisa umdlali omusha uMatthew Rusike esuka eClub Africain," kuqhuba iCity.

"URusike utheleke eKapa ngosuku lomnqamulajuqu ukuzophothula isivumelwano esisha neCity. Ubevela eStockholm njengoba ecishe wabuyela kwiSwedish Premier League – siyajabula ukuthi uMatty ukhethe ukusayina nathi."

ICity ibingazibekile phansi emakethe ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuthengiselana ngabadlali njengoba izimisele ngokuqinisa amathuba okuyodlala kwi-CAF Confederation Cup.

Le kilabhu isayinise o-Allan Kateregga, Bradley Ralani, Masoud Juma noKwanda Mngonyama yase idedela o-Aubrey Ngoma noLehlohonolo Majoro, abajoyine iMamelodi Sundowns neBidvest Wits nokwehlukana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...